Baba ngithi nayiii incwadi le eyakho

Ngiya kuthanda baba wekhaya lam

Ngiya kwethemba nangakho konke enginakho

Yingakho ngikunika nasi isitixo senhliziyo yam

Ngiyathemba uzoyivula ngothando engikunika lona

Ngyakwethembisa Mbhuli ukuthi ngiyokwethanda, ngibekezele, ngigcine ikhaya lethu, ngiphinde ngizithobe kukho konke esidlula kukho

Imfudumalo ngeke ikushodele uma angisakhona

Bangafika abanye empilwen yethu kodwa min ngiyohlale ngingowokuqala owakunika imfudumalo enhlizwen ebunene

Ngifuna wazi ukuthi uvo lwakho lubalulekile phambi kwamehlo entokazi yakwa Manci

Njengoba sesumuntu munye nezinqumo asizenze sikunye

Cela wazi ukuthi ubuhlungu kanye inhlupheko sidlula ukuyo akusesiwona umthwalo wakho yedwa kepha sekuyijoka nakumi

Mina ngiyihlale ngikthobela imithetho yakho ngihlonipha isinqumo zakho kepha nawe ngicel ungicabangele ungathathi ukuthula kwam njengento ongayisebenzisa ukuze ufinyelele kuzinqumo ezingahloniphisi

Ngyakuthobela njalo njena

Ngiphinde ngikuthande kakhulu kunay zolo

Lokhu okwakho Mqamu