Sekuyiminyaka ngihleli kulobu bumnyama

Ubumnyama obungathembisi ngish’ ukukhanya

Konk’ engikwethembile kuhamb’ ijuba likaNowa,

Akubuyisanga nampendulo ngik’thume ngikwethembile.

Ungibona nje ngidumazekile ngiphoxekile!

Sekusele wena ngesandla ngikubambile

Ngikhuluma nawe ngedolo ngiguqile,

Ubuso bami bubheke phansi ngikhotheme!

Amaqol’ ang’qolil’ inhliziyo yam’ ayiphulile.

Ngicel’ uyelaphe iphile sengiyinikela kuwe iphilise

Thembalami phila ngaphakathi kimi

-ngizophila kuwe!

Thembalami thob’ amanxeb’ enhliziyo yam’

-ngizowathoba!

Thembalami duduz’ umphefumulo wam’

-ngizowududuza!

Thembalami vutha ube yisibani ngikhanyisele

Ngikhala kuwe thembalami, ngikhanyisele!

Indlela ngikhanyisele ngize ngibone ngihole!

Nginokholo kuwe thembalami, ngiyakholelwa kuwe

-ngikholwe ngenhliziyo yonke!

Thembalami uze ungangibulali

-ngeke ngikubulale!

Thembalami hlala nami uze ungangishiyi

-ngeke ngikushiye!

Thembalami uze ungangilahli noma izimo zingathembisi

-ngeke ngikulahle!

Thembalami sengincamel’ ukuthemb’ intshe kunomuntu

Ngicel’ ungangisoli ang’bhekisile kuwe sengikhulunyiswa ubuhlungu, ngoba…,

Kulo mhlaba umuntu uphilel ukugijimis’ utalagu

Okulahlekise wonk’ amathemb’ abe yigugu.

-ngiyaqonda, kuwe ngithi dudu!

Sul’ izinyembezi themba mina

Sengikhona yimi ithemba lakho, elizokududuza

Libuyise wonk’ amathemba abelahlekile,

Ngithemba nami angeke ngikuphoxe!

Ibhalwe ngu:

Sthembiso Sydney Msezane