Uthando lwam ngawe lijulile
Lujul iminjunju naphakade
Uyizihlabathi zolwandle
Unguphuma langa sikothe
Unyathela ngabantwana
Sthandwa senhliziyo yam
Cel ukukwenza wenze umalokazane
Omama baphume balilizele
Hleze bebona kukuhle
Noma izinhliziyo zabo zingavum
Cel ubayeke bekhulume ngoba
Bayohlezi bekhuluma noma kukuhle
Hlezi begxeka engathi bayowuthola umvuzo
Cel ukukunika uthando olusenhlizwen yam Ngtshengise uthando enginalo ngawe
Inhliziyo yam ishaya ngamandla uma ngicabanga ngawe
Ngivele ngicabange usumamatheka
Ngivele ngikubone uchobozela
Kuhle kwentombi ibona isoka
Ngivele ngiphelelwe amazwi uma kufanele
Ngikhulume ungaboni nje hleze ngikugqolozela
Mihla namalanga hlez ngiqal ukubona ubuhle obungaka
Baye bethi ubuhle bensizwa izinkomo zayo
Cel ungivumele ngigcwalise isibaya sakwenu
Ngikwazi ukuba nawe impilo yami yonke
Hleze bengibone ngingento yalutho
Uma ngihluleka ukuvula isibaya sakwenu Ngigcwalise izinkomo zikababa
Ukutshengisa inhlonipho nothando enginalo ngawe
Ngicela unginikeze isandla sakho sokunxele
Ngikwenze ube ngowami ingunaphakade
Size sahlukaniswe ukufa
Ngiyaqinisekisa ukukuthanda ngikondle nginakekele ngikuvikele ngakho konke okwami
Uyohlale usenhlizwen yam
Emoyeni nasemphefumulweni wami
Engqondweni nasemaphushweni ami
Phakade lami