MaSouth Africans ngithi vukani!
Kuyobanini sikhala ngabantu
Ngisho laba esithi bathatha imsebenze yethu.
Unani ezandleni, mina nginani ezandleni?
Imisebenzi eminingi ifuna umatikuletsheni,
Unawo yini , mina nginawo yini?
Kuyosisizangani ukulwela into esingenazo
Izandla zokuyiphatha?
Ingwe idlangamabala!
Asibuyele eqinisweni,
Wena ungamqasha yini umuntu ongenamaphepha okusebenza?
South Africans ngithi vukani
Uphele umkhuba wokungasiqedi isikole
Ekugcineni siyosidinga sesifuna umsebenzi.
Umthetho uthi umatikuletsheni phambili
Indoda emuva.