MaSouth Africans ngithi vukani!

Kuyobanini sikhala ngabantu

Ngisho laba esithi bathatha imsebenze yethu.

Unani ezandleni, mina nginani ezandleni?

Imisebenzi eminingi ifuna umatikuletsheni,

Unawo yini , mina nginawo yini?

Kuyosisizangani ukulwela into esingenazo

Izandla zokuyiphatha?

Ingwe idlangamabala!

Asibuyele eqinisweni,

Wena ungamqasha yini umuntu ongenamaphepha okusebenza?

South Africans ngithi vukani

Uphele umkhuba wokungasiqedi isikole

Ekugcineni siyosidinga sesifuna umsebenzi.

Umthetho uthi umatikuletsheni phambili

Indoda emuva.