Mama

Uyimbali eqhakazile kimi

Uyilanga liphuma

Uyiswidi lam lomkhumhlane

Uyisithandwa sami

Ngiyakuthanda mama

Uyikho konke kimi

Baningi abenezithwandwa zemizi yabantu

Umama wakho unguwena uqobo

Zithande wena kuqale ukuze uthandwe nawe

Wakuthwala izinyanga eziyisishiyagololunye

Wakukhulisa, ebuhlen nasebubini

Uyohlale usenhlizwen yam

Uyikho konke empilwen yam

Bakhon abakhule ngaphandle kothando lukamama

Lokhu kungenza ngibadabukele

Ngidabukele ngokungalutholi uthando lukamama

Ubusuku nemini ngihlale ngicabanga ngawe mama

Ngizibuz ukuth ngingaba yini ngaphandle kwakho

Uyikho konke enhlizwen yam

Ngiyethemba uyohlal unam mama

Kwizingqinamba nezigigaba zalomhlaba

Lomhlaba ogcwele yonke inkohlakalo engaka

Kodwa ngiyaye ngiziduduze nam

Ngiziduduze emoyen nasemphefumulwen

Ngizibuza ngiziphendula ngenkohlakalo enganka

Uyisithandwa senhliziyo yam