Azange angabaze ngokusho,
Uvele wayihliphiza inhliziyo yami.
“Nginithanda nobabili,”
Incazelo ivele yawuphahlaza umoya wami,
Sobabili? Kanjani?
Bafowethu umuntu uyaba nazo
Izinhliziyo ezimbili?
Uthando selwaba yimpixa abadala
Manje uthando lubambe umhlaphansi.
Nhliziyo wena uthini?
Ngempela usithanda sobabili?
Noma yinkanuko iyatanasa njee…
Wathula sonke lesi sikhathi ,
Gwiqiqi usithanda sobabili…
Sobabili pho?
Awukwazi ukuthanda ngapha nangapha,
Mkhuzeni bafowethu, nangu eziphonsela eweni.
Musani ukungiduduza ngesiko,
Inhloso yami naye bekuwuthando nje kuphela. Kwase kuqhamuka isimanga,
Kumanje ngibambe ongezansi
Ngiyazi buza, uthando lwakhe
Ngempela luhlukaniseke kabili?
Noma usefuna okuncono kunami,
Pho yinindaba angasho ukuthi
Akasangithandi?
Kanti umuntu uyakwazi
Uhliphiza inhliziyo ngenxa yothando