Azange angabaze ngokusho,

Uvele wayihliphiza inhliziyo yami.

“Nginithanda nobabili,”

Incazelo ivele yawuphahlaza umoya wami,

Sobabili? Kanjani?

Bafowethu umuntu uyaba nazo

Izinhliziyo ezimbili?

Uthando selwaba yimpixa abadala

Manje uthando lubambe umhlaphansi.

Nhliziyo wena uthini?

Ngempela usithanda sobabili?

Noma yinkanuko iyatanasa njee…

Wathula sonke lesi sikhathi ,

Gwiqiqi usithanda sobabili…

Sobabili pho?

Awukwazi ukuthanda ngapha nangapha,

Mkhuzeni bafowethu, nangu eziphonsela eweni.

 Musani ukungiduduza ngesiko,

Inhloso yami naye bekuwuthando nje kuphela. Kwase kuqhamuka isimanga,

Kumanje ngibambe ongezansi

Ngiyazi buza, uthando lwakhe

Ngempela luhlukaniseke kabili?

Noma usefuna okuncono kunami,

Pho yinindaba angasho ukuthi

Akasangithandi?

Kanti umuntu uyakwazi

Uhliphiza inhliziyo ngenxa yothando