Ngakukhuza ngabangani wangibon’ ubulima,

Ngangithi noma ngizam’ ukukubonis’ indlel’ ungeqe ngaphezul’ ugijime,

Kwale noma ngikukhalima kuzo zonk’ izint’ ezimbi ngoba ngaz’ impil’ inzima,

Kodwa Wena wawungayingeni yonke leyonto ungeyisile,

Bewungihlupha ndodakazi ngize ngihlengezel’ izinyembezi ngenxa yakho,

Bengithi noma ngikukhiyel’ endlin’ uphume ngefastela,

Mntanami kimina bese ufana nesela.

Kade usumdlambila, iphar’ uqobo lwalo,

Ngaqal’ ukuphelelwa ngamazwi mhlazan’ usuqal’ uphuz’ oludakayo,

Nasezipotini bese ungesabafan’ isidlalo,

Ekhaya bese sifunga wen’ ungasalibeki sdalo,

Ubusuphenduk’ umhambuma,

Njalo Uma sekudliw’ ekhaya ngihlezi ngizibuz’ ukuthi ingabe udlile na?

Noma seniqala nezimvula ngithanda ngith’ unkulunkul’ akugcine laph’ ukhona.

Wavele wangingcwaba ngiphila mhlazan’ usudl’ izidakamizwa,

Zakudakwa waze wagcina sewumitha,

Namhlanje sewuphenduk’ eyeth’ inkinga,

Namhlanje sekuphithizela Thina ngathi sasikuthumile,

Mntanami usuyagul’ isandulela ngculaza sesikuhaqile,

Kodwa kuyashiwo mntanami ukuthi isalakutshelwa sibona ngomopho,

Namuhla bakuphi abangani enanihamba nabo kwizoso?

Namuhla akusekho kwa- blesser elizokubheka likunike nemali,

Bonke Laba babeth’ umuhle sebakubalekelile,

Mina azange wangilalela Kodwa ngangikutshelile,

Ngakutshela ngathi funda ukuze uzokhona ukuziphilisa,

Kodwa Wena ngoba ungukhanda limtshelokwakhe wabona kuncon’ uvul’ imilenz’ ukuz’ uzoziphilisa,

Yonke imizamo neziyalo zami wavele waziphikisa,

Kumanje kawumazi noyise wengane,

Uyabona Uma sekukanjena sifuqe mntanami lesisu sakho usise kubangani,

Angithi yibona owawubabona bekufanele kuw’ ukuba ngabazali?

Sifuqe mntanami uyabona ke manje ibambe ngakho

Nant’ ifastela wawuphuma ngalo namanje ngomkhaba usengaphuma kulo,

Kuwena mntanami njengo pilatu ngigez’ izandla.