SHELA NDODA

Ngikhona impela ngiy’intombiziphelele,

Nginyathela ngabantwana,

Ngihleka ngothotholwamaziny’amhlophe qwa okweqhwa.

Ngiwunokushudula isinqa sithule sithe du.

Ngihleka kufacake izihlathi.

Ngikhuluma ngelipholile izwi leli.

Ngiyindoni yamanz’uqobolwayo.

Shela ndoda ngikulindile

Ngithe klwi ngilishiyile igabadi,

imiconjwana yami iyangifanela iphuphuzela uboya

Zona izinqa angiphiwanga kodwa ngiyabukeka,

Ngimhlophe njengezihlabathi zolwandle,

Mangihleka kuvela izixheke zami amazinyo ami agibelene ngobunono.

Ngiyazithanda nokhalo lwami lomuyovu.

Shela ndoda sengikhona.

Empilweni ngiyazifukula angizidelile.

Impumelelo ikhona ngifundile ngineziqu zami

Umuzi singawakha sishesha ngiyasebenza phela imfundo yami ivule iminyango emningi.

Ngifunde ngagogoda ngagqoka imiyezane ethi mina.

Shela ndoda ngikulindili.

Ngikhona impela unkulunkulu akanginikanga imfundo eningi.

Kodwa ngisebenzisa izandla zami nenqondo ukuze ngiphile kahle.

Nginamasimu ngilimile,ngiyadayisa ngosuku ngenza isizumbulu semali.

Umuzi singawakha sishesha.

Shela ngikulindile ndoda.

ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala