Yebo ngiyavuma sengikulimaze Kwanele
Funa wazi ukuthi ngiyazi ukuthi ngikulimazile yingakho ngikudedela
Funa wazi ukuthi awonanga ndawo yimina owonakele
Vele izenzo zami bezingakona ukucabangela kepha futhi zikulimazile
Askisi I’m sorry themba uzoxolo, mandla angakupheleli
Ngiyazi inhliziyo angeke ithembe kalula ngoba ngikuhlabe ngemuva
Xola moya themba uzokwazi ukuthanda olandelayo
Ngiyethemba lowo olandelayo uzobona ukuthi You’re One In A Million
Ngiyakuthanda kepha ngiyazi ukuthi unyawo lwami liyophinde lishelele
Nhliziyo xola, Mandla angakupheleli
Vulela olandelayo inhliziyo, umnike ithuba lokukuthanda lento engihlulile mina