Ngabe ungowakwabani na?

Kukhona yini esakona ngakho na?

Uma ukwazi ukuziphendulela ngokuthatha esibathandayo

 Pho kungani ungasasixoleli yize zingazi sakona ngani na?

Umhlaba kaJehova sewagcwala izindunduma zabathandiweyo ngenxa yakho.

Imizi isele dengwane kugcwele nezintandane ngenxa yakho.

Amajele agcwele ababulali ngenxa yakho.

Inhlupheko idla izidelise kuthina ngenxa yakho.

Kanti wena awudeli yini na ukuzidlela esibayeni sendoda engabonwayo 

Kukhihlwe esikaNandi kwaMhlaba.

Empeleni wena uqhuba intwala ngewisa, 

uvungula ngothi lomkhonto uma usuqeda kudla abafwethu nodadewethu.

Sawbona kufa!!