Yasho ingoma yepolitiki
Yasho kwakitikiza izintombi
Kwakitikiza amabhungu namatshitshi
Yasho ingoma yepolitiki
Yasho kwaphuma izikibha ngokushesha
Beshintshana esitikini
Wawungafunga uze uphinde ukuthi bazobakhumbula
Mebekhuluma amazwi abo ayenezithembiso ezinkulu
Kwahamba iminyaka
Izinsuku ngezinsuku
Ilanga nelanga
Izikhathi ngezikhathi
Kwasala injabhiso nethemba elishabalele
Abasaziwa nangokhalo
Sebefakana bodwa emisebenzini
Nezihlobo zabo ,nemindeni yabo
Sebezithuthukisa bona bodwana
Intuthuko yomphakathi isiyimali yabo bodwana
Sebedlala isitokofela ngemali yabakhokhi ntela
Izinyembezi ziyagobhoza
Indlala ibhuqabhuqa intsha
Imisebenzi ifuna izipiliyoni zeminyaka
Izinyembezi zisulwa ngezinye
Ubuhlungu buze buphenduke isihluku
Ithemba lifa nelinye
Inkohlakalo iyona egcine ibuse izinhliziyo zabo
Yabese ihlangana nomngane wayo ukuzicabangela wedwa
Kwabese kwakheka inzondo
Kwavuka no Zondo commission
Nesikibha sakhona sakhona saphenduka izinengiso
Ukusibona kwavusa ulaka
Ulaka lulaphwa iqiniso
Iqiniso lithanda iqiniso
Ulaka lunamandla ayingozi
Lenza izingozi ngavele ngangazi
Amanga ashabalisa ikusasa
Abaholi abahola imali
Abaholi bemali
Abazinonophalisa ngamanga nobuqili
Befuna ibhodwe eliconsa amafutha