Qhakaza mbokodo

Uze ukhanyise umhlaba wonke.

Wena uyimbokodo yokuqina,

Wena ungumama wesizwe,

Akekho ofana nawe.

Akekho umama oyolinganiswa nawe.

Ngiyakuthanda mama

Ngiyakuthanda nkosazane emhlophe

Ngiyakuthanda qhawekazi lesizwe.

Wena ukwazile ukusikhulisa sibancane

Saze saba badala, engasekho ubaba emhlabeni.

Wasincelisa ngolwazi olunzulu

Wasifundisa impilo, ukuzimela

Kanye nokubhekana nazo zonke izingqinamba

Ezikhona emhlabeni.

Kulenyanga yabantu besifazane

Ngithi ayiqhakaze yonke imbokodo

Ekhona kulomhlaba.

Ayiqhubeke njalo isimele isizwe

Ibumele ubufazi bayo.

Ayime njalo imizi yobaba mkhulu

Ngenxa yenu mbokodo.

Nina ningothandiwe kulomhlaba

Nifanele ukuhlonishwa

Niphinde nivikelwe, ngoba indima

Eniyidlalayo kithina inkulu kakhulu.

Qhakaza mbokodo!!