Ukuhamba kubona

Ukuhamba ukubona lapho sengidlule

Izigaba nezigaba zobunzima empilweni

Ngangizibona ngisezulwini ngingazi

Ukuth’ impilo lena inameva iyahlaba

Ngathukwa sengindlulile ngingazi

Ngizobuka kubani na.

Ngigudla amazwe ngifuna uthando

Ngazithela kwesikhulu sakulela isigebengu

Ngikhuzwa ngizwa lutho ngididwa wuthando

Wayiphula eyami’nhliziyo lapho ngithi nginethezekile

Nhliziyo yangikhohlisa ngibona owamaphupho

Ngingazi ngiyazi bulala,impel’ ukuhamba ukubona

Ngizibuza ngiziphendula ngihlezi nginenjabulo

Ngingangazi ngiyozikhala ezimathonsi, kwakungemina

Kodwa kuwuthando, wangilaya thando sengikhihla esikana

Mandi isililo,ngiyazibuza ngiyaziphendula,ngangibona izulu

Liphelel’ entendeni yezandla zami,ngihambile ngibonile

Nakulizwe alipheleli,nakuyinhliziyo asoze yacola .

Ngingazi injabulo yami yophenduka ingidabusa

Ngowami ngaziphandla, ngowami ngazihlaba ekujuleni

Kayo engabonwa,sona esingasoze saphola ngizenzela

Ngokuhamba,ngehla ngenyuka ngifuna olweqiniso

Basho abadala bayihlaba esikhonkosini

Bethi ukuhamba ukubona