Owami ngiyamthanda
Owami ngiyamhlonipha
Owami ngiyamlalela.
Noma ngimphethe kabi
Ngiyaxolisa kuyena
Noma ngonile ngiyaxolisa
Kuyena
Owami ngimphathisa
Okwendoda emadodeni
Owami ngimnika indawo
Njengenhloko yomuzi
Owami ngiyamkhathalela
Ngasosonle isikhathi
Ingani phela ungowami ?
Ingani phela ungishaya
Ngaphakathi?
Mina ngisho lo
Oyiphakade lami
Mina ngisho lo
Owami engimthandayo .
Ibhalwe: usonto Anna hlophe