Kubhlungu ukuthanda umuntu.
Lapho uthi uthole uthando
Luphenduke umbani
Into eshaya bese iyadlula
Kodwa ishiya kukhalwa
Sengbonile uthando alukho

Izinhliziyo ziphulwa abanye
Zintshontshe abanye
Zithobele ukuyothanda abanye
Wayeyimamathekisa inhliziyo yami
Namhlanje uphenduke isitha sami

Othandwe yimi uphenduke isele
Untshontshe inhliziyo yami
Washiya amaxheba
Uthi angwenzeni?
Ingubo endala iyathandeka kodwa
Ubani osayithanda?
Sengibonile uthando alukho