Ngifela ukuba yindoda!

 Ngingekhone uk’sikhihla okwanandi

 Ngoba indoda ayikhali.

 Ubuhlungu obubhibhidla okwes’londa 

 Esisha.

 Ubunzima esibuthwalayo sivikela 

 Ukuba yindoda.

 Imisebenzi yendoda inzima.

 Kulikhuni ukuvuma ukwehluleka

 Ngoba ngiyindoda.

 Imizamo yam’ aniyiqizi qakala 

 Uma kungenaMpumelelo.

 Kunalokho nivele ning’cele izinto

 Ezingaphezu kwamandla ami.

 Kanti Ngoneni , ubulili bam’ ?

 Yibona ebenza ucabange Ukuthi 

 Konke kuhamba kahle njalo?

 NoThando oluncinyana 

 Nje ,ukuphaphamisa imizwa 

 Dololo ….uma ungenamali.

 Uma ungakhoni ukuba semathini.

 Ung’lahliwe njalo.

 Ngento ungenazo,

 Thando lwempahla noma le mizwa?

 Ukuba yindoda , ngabe ngazalwa nges’khathi soGogo Nomkhulu.

 Phela usofa s’lahlane wayephila .

 Nomakoti naye bekazojabula 

 Noma sihlala emkhukhwini.

 Manje seniyakhona nokusibuza 

 Uhola malini, hlobo luni lwemoto 

 Ohamba ngalo?

 amalungelo ,

 Kanye nezinga lwempilo

 Elibizayo.

 Ukuthokozisa abantu akuyong’siza

 Yebo okwamanje ngiyahluleka 

 Ukuba nezambane lika pondo

 Kodwa loko akusho ukuthi 

 Kuyahlala kunje.

 Nam’ angihlalile phansi , ngiyalangazelela

 Ukuba umuntu ebantwini.

 Ngenze ukungakholwakali.

 Okwamanje ,ungabuka iphokethi

 Lami , ung’shiye 

 Kodwa ngelinye ilanga

 Lemvula enetheyo , iyonetha ngakimi.

 Nethezeka lapho ukhona ,

 Kodwa okungokwami kuyobuya

 Kwangathi angikase ngibe yisehluleki.