Kwake kwaba khona umculi…
Umculi owayenephimbo elihlukile
Iphimbo elihoshozayo
Sengisho iphimbo elindondozayo
Elingikhumbuza inkakh’ ubab’ uMahlathi
Ubab’ uMahlathini ubenephimbo lakhe yedwa
Nalo mculi naye ubenephimbo lakhe yedwa
Naye obebhonga kuzwakale enkundleni
Ubungaze uthi uyindoda enolaka
Noma uyindoda enodlame ekhahlamezayo
Indoda echomayo engabazi abantu
Kanti ube ngumuntu wabantu
Indoda ebi mndeni wayo
Indoda ebi mfazi wayo
Indoda ebi zingane zayo
Iphimbo layo beliyisimanga
Ngoba belikhuluma nathi
Ibi shaya amanoni akhulumayo
Amanoni akhuthazayo
Sengisho amanoni aqinisayo naduduzayo
Amanoni ayalayo
Uma uphuma endleleni ibithi: ” hloniph’ impilo”
Kungani? Ebisithi : ” ukuz’ izinsuku zakho zand’ ezweni”
Ukuze ngingadl’ ezinye izinsizwa…
NjengoMandoza nami ngithi: ‘ngiyinkalakatha’
Uma unenkinga nami…
NjengoMandazo ngithi: ‘ Gxumela esitikini sami’
Sizoshayana? Lutho!
NjengoMandoza ngithi: ‘sizobonisana njengamadoda’
Sizoxazulula inkinga esinayo
Kuzo zonk’ izinking’ engibhekana nazo…
NgenjoMandoza ngiyinkalakatha
Noma ngibona sengathi akusoze kwalunga
Kunzima kubuhlungu khona kodwa kuzolunga
Ngoba ngizolwa nazo ngizobhekana nazo mathupha
Ngizosebenza kanzima
NjengoMandoza ngizoba uGqhodoba
Ngezithukuthu zam’ ngizodla ama-dollar
Ngibe nesandla sevulekile nakwabanye
NjengoMandoza ngithi: “woza sophola”
Ngikwenze kucace uma kungezwakali
NjengoMandoza ngithi:” angithi siyatholana lapho ne”!
Sizohlephulelana ingingila yenyoni
Mhlawumbe izimo zophinde zingitshekele…
NjengoMandoza ngizovuka
Kungani? uMandoza uthi:’ indoda iwa namuhla
Kusasa iphind’ ivuke’
Kanjalo njengoMandoza ngizothi : ‘Ngiyi-Tonurdo’
Uma ungakholwa…
NjengoMandoza ngizothi : ‘ uzobona ngesivunguvungu’
Lapho ngiyobe ngingasavimbeki
Lapho ngiyobe ngingasanqandeki
Sengiphephela kwasani
Ngibamba wonke amathuba avelayo
Ngiwabambisise ngazo zombili
Kwaba dangele abaphele amandla…
Ngizoba khuthaza ngizoba duduza
NjengoMandoza ngizothi :’ qina ngamandla’
Uma kungaphezu kwamandla akho…
NjengoMandoza ngithi:’ Don’t stop ukuthandaza njalo’
Ngoba uNkulunkulu unguMuzwi wemthandazo
Neyakho imithandaz’ uzoyizwa ayiphendule
Ngoba la emhlabeni siyadingana
Uthini Mandoza ngobulungisa?
Uthi ‘akube yi-50/50’
Zonk’ izinto mazenzeke ngendlela efanele
Ngoba kufanele futhi kumele
Awu salimala ngokulala kwakho!
Sagqemeka engeqiwa ntwala ngawe mfokaShabalala
Kodwa amazwi akho umyalezo wakho
Akusoze kwashabalala
Umdlavuza awukunqobanga
Wena wanqoba wona umdlavuza
Ngoba uyiNkalakatha unguGqhodoba uyiTonurdo
Mfo kaShabalala uwushiyile umlando
Ngokuba negalelo elihle kwezomculo
NjengoMandoza asisebenzise esinakho
Akazange asabe ukuthi abantu bazomxwaya
Abantu bazomgxeka ngenxa yephimbo lakhe
Kodwa walenza lathandeka lajwayeleka
Ngoba yonk’ into esinayo iyisiphiwo
Leli phimbo lakhe kuye beliyisiphiwo
Ngekhono walisebenzisa kahle wahlomula izicoco
Engisamakhumbula ngalo namanje
Kakhulu kangakanani ke umndeni wakhe!
Nakuba ungasekho emhlabeni
Kodwa ngenkumbulo sisakubona
Ngenkumbulo kithi usaphila
Siyakukhumbula sohlezi sikukhumbula
Sohlezi silizwa iphimbo lapho ezibendlebeni zethu
Okwamanje usawile
Ngethemba kuMdali ngeliny’ ilanga uzovuka
KuMdali ‘indoda iwa namhlanje kusasa usazoyivusa’
Ngoba ukufa kunamandla phezu kwethu
Kodwa kuMdali kuqambe kushilo akuyilutho
Lo umvuzo awunika bonke abamthembayo
Liyaziswa iqhaza owalidlalayo ngephimbo lakho!
NjengoMandoza…!
Ibhalwe ngu:
Sthembiso Sydney Msezane