Kwake kwaba khona umculi…

Umculi owayenephimbo elihlukile

Iphimbo elihoshozayo

Sengisho iphimbo elindondozayo

Elingikhumbuza inkakh’ ubab’ uMahlathi

Ubab’ uMahlathini ubenephimbo lakhe yedwa

Nalo mculi naye ubenephimbo lakhe yedwa

Naye obebhonga kuzwakale enkundleni

Ubungaze uthi uyindoda enolaka

Noma uyindoda enodlame ekhahlamezayo

Indoda echomayo engabazi abantu

Kanti ube ngumuntu wabantu

Indoda ebi mndeni wayo

Indoda ebi mfazi wayo

Indoda ebi zingane zayo

Iphimbo layo beliyisimanga

Ngoba belikhuluma nathi

Ibi shaya amanoni akhulumayo

Amanoni akhuthazayo

Sengisho amanoni aqinisayo naduduzayo

Amanoni ayalayo

Uma uphuma endleleni ibithi: ” hloniph’ impilo”

Kungani? Ebisithi : ” ukuz’ izinsuku zakho zand’ ezweni”

Ukuze ngingadl’ ezinye izinsizwa…

NjengoMandoza nami ngithi: ‘ngiyinkalakatha’

Uma unenkinga nami…

NjengoMandazo ngithi: ‘ Gxumela esitikini sami’

Sizoshayana? Lutho!

NjengoMandoza ngithi: ‘sizobonisana njengamadoda’

Sizoxazulula inkinga esinayo

Kuzo zonk’ izinking’ engibhekana nazo…

NgenjoMandoza ngiyinkalakatha

Noma ngibona sengathi akusoze kwalunga

Kunzima kubuhlungu khona kodwa kuzolunga

Ngoba ngizolwa nazo ngizobhekana nazo mathupha

Ngizosebenza kanzima

NjengoMandoza ngizoba uGqhodoba

Ngezithukuthu zam’ ngizodla ama-dollar

Ngibe nesandla sevulekile nakwabanye

NjengoMandoza ngithi: “woza sophola”

Ngikwenze kucace uma kungezwakali

NjengoMandoza ngithi:” angithi siyatholana lapho ne”!

Sizohlephulelana ingingila yenyoni

Mhlawumbe izimo zophinde zingitshekele…

NjengoMandoza ngizovuka

Kungani? uMandoza uthi:’ indoda iwa namuhla

Kusasa iphind’ ivuke’

Kanjalo njengoMandoza ngizothi : ‘Ngiyi-Tonurdo’

Uma ungakholwa…

NjengoMandoza ngizothi : ‘ uzobona ngesivunguvungu’

Lapho ngiyobe ngingasavimbeki

Lapho ngiyobe ngingasanqandeki

Sengiphephela kwasani

Ngibamba wonke amathuba avelayo

Ngiwabambisise ngazo zombili

Kwaba dangele abaphele amandla…

Ngizoba khuthaza ngizoba duduza

NjengoMandoza ngizothi :’ qina ngamandla’

Uma kungaphezu kwamandla akho…

NjengoMandoza ngithi:’ Don’t stop ukuthandaza njalo’

Ngoba uNkulunkulu unguMuzwi wemthandazo

Neyakho imithandaz’ uzoyizwa ayiphendule

Ngoba la emhlabeni siyadingana

Uthini Mandoza ngobulungisa?

Uthi ‘akube yi-50/50’

Zonk’ izinto mazenzeke ngendlela efanele

Ngoba kufanele futhi kumele

Awu salimala ngokulala kwakho!

Sagqemeka engeqiwa ntwala ngawe mfokaShabalala

Kodwa amazwi akho umyalezo wakho

Akusoze kwashabalala

Umdlavuza awukunqobanga

Wena wanqoba wona umdlavuza

Ngoba uyiNkalakatha unguGqhodoba uyiTonurdo

Mfo kaShabalala uwushiyile umlando

Ngokuba negalelo elihle kwezomculo

NjengoMandoza asisebenzise esinakho

Akazange asabe ukuthi abantu bazomxwaya

Abantu bazomgxeka ngenxa yephimbo lakhe

Kodwa walenza lathandeka lajwayeleka

Ngoba yonk’ into esinayo iyisiphiwo

Leli phimbo lakhe kuye beliyisiphiwo

Ngekhono walisebenzisa kahle wahlomula izicoco

Engisamakhumbula ngalo namanje

Kakhulu kangakanani ke umndeni wakhe!

Nakuba ungasekho emhlabeni

Kodwa ngenkumbulo sisakubona

Ngenkumbulo kithi usaphila

Siyakukhumbula sohlezi sikukhumbula

Sohlezi silizwa iphimbo lapho ezibendlebeni zethu

Okwamanje usawile

Ngethemba kuMdali ngeliny’ ilanga uzovuka

KuMdali ‘indoda iwa namhlanje kusasa usazoyivusa’

Ngoba ukufa kunamandla phezu kwethu

Kodwa kuMdali kuqambe kushilo akuyilutho

Lo umvuzo awunika bonke abamthembayo

Liyaziswa iqhaza owalidlalayo ngephimbo lakho!

NjengoMandoza…!

Ibhalwe ngu:

Sthembiso Sydney Msezane