Ningizimu Afrika

Abaningi sebafika

Baphinde badlula

Abanye abalitholanga

Ithuba lokukhula

Sekuthiwa abaphansi banesithukuthezi

Ngoba sekugcwele abahlukumezi

Sekusolwa umenziwa, ngabe kusolwa umenzi.

Sesakhuza akupheli

Izenzo zabantu ezimbi

Ezibulalayo, ezenza sizibuze ukuthi babulalwe leni

Lashonaphi izwe labansundu elinokuthula?