Ngikhumbula, uMtjhana wami, uNicholas!

Ngithi lapho, okhona, uthando lwami ngawe soze luphele. 

Noma ngiluphala, olwami uthando, ngawe, soze luphele.

Soze luphele, ngiyoze ngiyobekwa nami.

Ukufa angazi kuyongikhetha nini, kodwa ngisalindile.

Ekulindeni kwami, ngifuna impilo encono, ngifuna yona kanye, le, esasiyifuna, usaphila.

Usaphila, besinethemba, kuthi, ngelinye ilanga, uNkulunkulu, uzophendula.

Engakayiphenduli, imithandazo yethu, ukufa kwafika, kwakhetha wena.

Olwakho uhambo lwaphela, ngabona ngathi umhlaba usuphelile. 

Kuvele kwaphela yona leyanjabulo, esasinayo, usaphila.

Bengigula, ngiguliswa ukuthi, angifuni, ukwamukela kuthi, awusekho, emhlabeni.

Emhlabeni vele besivakatjhile.

Besazi kuthi, ukufa kuzofika, kodwa besingazi kuthi, kuzofika, kuthathebani.

Namhlanje ulidlozi lethu, sicela kuwe, ukukhanya.

Sikhanyisele, siyibone indlela.

Njengoba, ubuhlezi ungibonisa indlela, usaphila.

Uthando lwakho luyohlezi lunami, othandweni lwakho ngicela impumelelo.