Ngiyekelela angifuni ungikhuze ngoba ngiyazi uzongilimaza 

Ngiyekela nami ngibe untwana onamaphutha kepha angafiki kwawakho

Ungixolele uma ngiphambuka- ngabona omunye ekwenza nami ngase ngalandela 

Angisho ukuthi icala lisebanganini, awazi mhlambe umqondo omubi kanye nomoya weyikhova wafika kimi

Ngizama ukubeka iphuzu lokuba ngingathi yam sengiphambuka endleleni uthi kungenxa yabangani – cha akaze bengidonse ngendlebe bethi asambe, yimi engahamba ngokuthanda

Akaze ngakhonjwa ngesibhamu kwathiwa enza lokhu nalokhu

Ungixolele iphutha ngakimi laba likhulu

Yebo vele impilo, futhi mhlambe sekuhlangene nobuhlungu engibuzwayo obungenza ngidle nalokhu engikuthathayo

Nxese mama cela ungixolele uphinde ungithembe kubuhlungu nakumi ngoba akusayekeki

Ngiyekelele ngiphole ngizame ukuguqula isimo lesi engikuso

Ngiyekelele ngikwazi ukukhuluma lesi simo enginayo ngibe umuntu oncono

Ngiyekelele ngibe ngedwa ngi…. ngishintshe ngibe umuntu oncono

Ngiyekelele ngiphole ngoba ngiyabona sekuyonakala