Ng’yehluleka

Ng’zamile kodwa ng’yehluleka.

Ngaphandle kwakho empilweni ng’zohluleka.

Lemizwa le isingehlule ukuy’bamba k’yangehlula uthando lwakho slungehlule, thatha inhliziyo yami uhamne nayo vele ukukwephuca ng’zohluleka

Nokub’ icala ukuk’bophisa beng’zohlukeka

ukwehluleka sengik’jwayele nokukwenza owami ng’yehluleka .

Ng’zamile kodwa ngyehluleka.

Emqondweni wami uyaphithiza ub’suku nemini aw’ngiph’ithuba uk’cabanga omunye ng’yehluleka, nokuk’khipha futhi ng’yehluleka.

Enhliziyweni yami khona wakhile indlu nexhiba ukukudiliza ng’yehluleka,

Lamatshe owakhe ngawo no simende obeke ngawo kuqinile uk’kubhidliza ng’yehluleka.

Nesiza sokwakhisa omunye ang’senaso ukumcuphisa ng’yehluleka.

Kwesami isbaya uwena inkunzi, mang’letha ezinye uyaz’thibela, uk’vula umgoqo ng’yehluleka.

Thatha uqobo lwami vele ukukwephuca ng’zohluleka

Ukwehluleka izinto zami, nokuk’qonda ngik’tshele indlela engizizwa ngayo ngawe ng’yehluleka

Ngizamile kodwa ng’yehluleka.

Kungenzeka nalenkondlo ingafiki kuwena, akusikho okokuqala ngik’bhalela izincwadi zothando nemilayezo kodwa ukuk’thumela ng’yehluleka.

Ukuthi ngiwumdwebi oqavile bengingakwazi ngize ng’cabange ukuz’dwebela wena ,nokubhala iz’nkondlo bengingasakwenzi ngize ng’fikelwe umcabango wokuy’bhalela wena.

Iqiniso ukuthi, NGYAK’THANDA Njabulo, manginawe usizi alukho, awungikhalisi uyang’thabisa, empilweni yami uyadingeka.

Umoya wami uyak’langazelela ukuba nawe ungunaphakade, ngaphandle kwakho namaphuph’ami ok’wafeza ng’zohluleka.

Mgabadeli, ng’tshele ng’phile kanjani ngaphandle kwakho?

Ng’zamile kodwa ng’yehluleka.