Banendlebe kodwa abezwa

Ungakhohliswa ukuvuma kwabo

Uma ukhuluma.

Indaba yibheke ekwenzeni

Ukuthi bayenza yini.

Ungabatshela ngobungozi bavume

Kodwa bazoqhubeka lapho begcinekhona.

Noma behambile abaningi

Kufundwa ngabo emaphephandabeni,

Beveziwe nokomabona kude

Kodwa lutho ukushintsha.

Lesi isizukulwane sika makholwa ngokubona

Ungasixwayisa uthela amanz’emhlane wedada.

Ave kubuhlungu ukudabukela umuntu ozenzile

Isaliwa kutshelwa sesibonwa ngomopho!

Ngiyokhuluma kuzwe bani?