Banendlebe kodwa abezwa
Ungakhohliswa ukuvuma kwabo
Uma ukhuluma.
Indaba yibheke ekwenzeni
Ukuthi bayenza yini.
Ungabatshela ngobungozi bavume
Kodwa bazoqhubeka lapho begcinekhona.
Noma behambile abaningi
Kufundwa ngabo emaphephandabeni,
Beveziwe nokomabona kude
Kodwa lutho ukushintsha.
Lesi isizukulwane sika makholwa ngokubona
Ungasixwayisa uthela amanz’emhlane wedada.
Ave kubuhlungu ukudabukela umuntu ozenzile
Isaliwa kutshelwa sesibonwa ngomopho!
Ngiyokhuluma kuzwe bani?