Buyela emuva nhliziyo yami,
Uzamile wahluleka,wakhala bangezwa
Nhliziyo yami imanxeba,ngiyakhala ngoneni na?
Ngiyokhala ngizwe ngubani na?
Cha mhlaba ungihlabile ngahlabeka,
Mhlaba ungincwabile kwakhala ngisho
imizwa engaphakathi komzimba wami.
Ngiyokhala ngizwe ngubani na?
Oh ngoneni na! Ngilamuleleni, nhliziyo yami
iyacwile,esizibeni esingenasigcino
Ngimile ngiyamemeza ozwayo akalalele,
Onendlebe uzwile,uthando luphelile uthando lushabalele.
Ngiyokhala ngizwe ngubani na?
Siyakhohlisana okwezingane zesikole
Sinabantu esibathandayo nesibakhohlisayo,
Oh ngaze nganeshwa kwadlalwa ngami,
Oh ngaze nganeshwa kwadlalwa ngeyami inhliziyo.
Ngiyokhala ngizwe ngubani na?
Besengithi owakwami ngimtholile,
Besengithi oyovala lesikhala esashiywa engangimthanda
Ngimtholile,kanti naye ubezovula eyakhe embobo,
Oh kwaze kwanzima othandweni,kwaze kwabuhlungu kwezothando.
Ngiyokhala ngizwe ngubani na?