Buyela emuva nhliziyo yami,

Uzamile wahluleka,wakhala bangezwa

Nhliziyo yami imanxeba,ngiyakhala ngoneni na?

Ngiyokhala ngizwe ngubani na?

Cha mhlaba ungihlabile ngahlabeka,

Mhlaba ungincwabile kwakhala ngisho

imizwa engaphakathi komzimba wami.

Ngiyokhala ngizwe ngubani na?

Oh ngoneni na! Ngilamuleleni, nhliziyo yami

iyacwile,esizibeni esingenasigcino

Ngimile ngiyamemeza ozwayo akalalele,

Onendlebe uzwile,uthando luphelile uthando lushabalele.

Ngiyokhala ngizwe ngubani na?

Siyakhohlisana okwezingane zesikole

Sinabantu esibathandayo nesibakhohlisayo,

Oh ngaze nganeshwa kwadlalwa ngami,

Oh ngaze nganeshwa kwadlalwa ngeyami inhliziyo.

Ngiyokhala ngizwe ngubani na?

Besengithi owakwami ngimtholile,

Besengithi oyovala lesikhala esashiywa engangimthanda

Ngimtholile,kanti naye ubezovula eyakhe embobo,

Oh kwaze kwanzima othandweni,kwaze kwabuhlungu kwezothando.

Ngiyokhala ngizwe ngubani na?