Inhlungu owangshiya kuzo azibekezeleki
Umndeni owangshiya nawo suphenduke izithazami
Nami nginaphutha kodwa ukube ubukhona
Ubukhona ecakwami ngabe kuncono
Ngiyalizwa izwi lakho likeneneza ezindlebeni zami
Ngiyalizwa iphunga lakho ecakwami
Ngiyalizwa izwi lakho linginika ithemba uthi kuzolunga
Ngiyakubona ngamehlo enqondo ungiqaphile ubusuku nemini kwizimpisi zezwe
Iqiniso mama ungithanda ngenhliziyo yakho yonke
Iqiniso nami ngikuthanda ngenhliziyo yami yonke
Lapho ukhona ngiyakukhumbula
Ukube kuyavakashwa ngabe ngisivakashi sokuqala njalo ngosuku
Ngikhumbule intokomalo nothando nesneke sakho
Ngikhumbule imidlalo besidlala
Ngikhumbule amancoko ebesiba nawo
Ngikhumbule uhleko lakho
Kufa awunamahloni kungani uthathe laba esibadinga kakhulu.