S’thandwa sami ngixolele
mangikonile kepha kumele
ngigonyulukile, le kumele
uyilalelile, okusenhlizweni yami
kuthuliliwe kule nkondlo.
Amaphutha ngiwenzile ngixolisile
ukuk’zonda ngizamile ngihlulekile

Kungcono mangikthanda inhliziyo
iyagculiseka
Ngyakuthanda mntanomuntu
akudleki kuloluthando
esilikhulisile
ibiyinhle into ebisihlanganisile
Ngyakuqalekisa okusihlukanisile,
Phela thina besijabulile.

Ngizoyisho lento esesifubeni
etholakala ekujuleni kwenhliziyo
yami, mina ngikhetha wena
ngihamba nawe kuyoze kube
Isekufeni, Mangivala amehlo
ngibona wena emaphupheni
kshuti lento yethu ibhalwe
emaPhakadeni.

Ngyakuthanda, yamukela
uqobo lwami, uthando lwami
oluhambisana noXolo lwami.
Thandolwami olwakho
kuyoze kube isekufeni ngizithandela
wena sthandwa sami.