Angazi ngizoyiqala kanjani

Kodwa ngizoyiqala ekuqaleni,

Ngikhulele kumndeni ohluphekaya,

Obudla imbuya ngothi,

Ikati belilala eziko nsuku zonke,

Ngiya esikoleni ngingadlile,

Ingani zingihleka,

Zithi anginalutho,

Kodwa bebengazi ukuthi angizenzanga,

Bengiphephela ekudleni kwesikole,

Ekhaya lami besilala ngophondo

Ngoba beyingekho into esingayenza,

Ngaqeda esikoleni ngaya enyuvesi,

Nakhona ngafunda ngokuzimisela,

Ngoba phela bengifuna ukushintsha isimo,

Ngazithola iziqu zami,

Kodwa ngashawa amathuba omsebenzi,

Ngihleli angenzi lutho,

Sengijike ngaba isigqila sotshwala,

Ngoba ngifuna ukukhohlwa inkinga zami,

Sengilahle nethemba ngoba sengiphilela usizi,

Njengobani ozalelwa enhluphekweni aphinde

Ashonele kuyona,

Ngyakhala ngikhala ngalempilo engiyiphilayo,

Baba ungilahlelani,

Madlozi ami ningishiyelani,

Kungani ngisaphilela inhlupheko?

Kanti siyoshintsha nini isimo?

Nkosi ngicela ushintsho empilweni Yami.