Ngicel’ ungicuphise kweyakh’ inhliziyo.
Ngicel’ ungicuphise ukuze ngizokunabela ngikujulise ngolwam’ uthando.
Ntomb’ angifuni okuningi ngifuna wena.
Ngifisa waz’ ukuthi ngilapha nje kungenxa yomuzw’ engiwuzwa kimi ngaphakathi.
Ngifisa waz’ ukuthi ngilapha nje kungenxa yomuzw’ engiwuzwa ngawe.
Nkosazane ngicuphis’ eduze nenhliziyo yakho.
Ngicuphise ngikubonis’ uthando lwemvelo.
Ngicuphise ngib’ umelaphi weyakh’ inhliziyo.
Umangabe kukhona laph’ eyalimala khona ngivumele ngib’ udokotela wayo ngiyelaphe.
Ngivumele ngib’ umngani wayo.
Ngizoyithoba ngiyibhandish’ ize iphole.
Ngicuphise mntanomuntu ngiyethembisa ngizoyiphatha Kahle.
Ngizoyiphathis’ okweqanda lon’ engiyolihlenga mihla namalanga.
Ngiyolibal’ okuningi nginake Wena Ntokazi
Isikhath’ esesimoshekile empilweni yakho ngiyethembisa sesiyofika nami.
Ntokazi loluthand’ engiza nalo luyokhazimula noma kunzima
Luyokhanya noma kumnyama okonyezi kusihlwa.
Nkosazane yabantu lenhliziyo yam’ ikuthandile.
Ikuthandile futh’ ingakufela Uma kufanel’ ifele igugu layo.Phela wen’ uligugu kimi.