Nami ngingumuntu njengawe,

Futhi nginemizwa njengawe,

Nawe uyazifanela nje nami,

Nami nginesithunzi njengawe,

Namalungelo nginawo njengawe,

Isithunzi sami sibukelwa phansi,

Ngokugula kwami bangibukela phansi,

Amalungelo ami bawashay’indiva,

Ngokugula kwami ngibekw’amabala,

Okwesilwane mina ngiyasatshwa,

Ngicwaswa emphakathini nasekhaya,

Nekhaya sengalibalekela mina,

Lelikhaya lishoda ngothando kimi,

Abasekhaya baletha usizi kimi,

Impilo yam’iding’usizo lwabasekhaya,

Ekhaya kunamagama aziswana,

Angidumi bathi nginomdumakhanda,

Labantu mina bangidumisela ngekhanda,

Abantu bathi mina ngigula ngekhanda,

ODokotela bathi ngigula ngenqondo,

Nikhumbule akukho soka lingenasici,

Ingqondo yami inokuphazamiseka,

Emoyeni wami nginokuphazamiseka,

Mina abantu bangibiza ngohlanya,

Nithule nithini abantu bengihlanyela,

Ngingcono mina okwami sekwatholakala,

Ngizame konke, usizo lutho ukutholakala,

Uthando ngiyaludinga lutho ukutholakala,

Lomphakath’ushoda ngokuqonda nothando,

Lababantu bashoda ngolwazi ngokuqonda,

Inkinga nab’abaluthekel’ulwazi nokuqonda,

Sengaphila ngokudla emigqonyeni,

Isiqalekiso sami ukugula emqondweni.

Ngiphila emhlabeni wami ngedwa,

Uyangibulala mina umzwangedwa,

Bonke abantu mina bayangibalekela,

Nikhumbule nami ngingumuntu,

Ngiyakudinga nami ukuphila nabantu,

Inkinga nina senalahlekelwa ngubuntu,

Ningakhahlwa nami ngingumuntu.