Nami ngifanelwe ukuphila
Ibala lami engaliphiwa uMvelingqangi leli
Kungani kufanele ngisabe ngalo?
Sonke syafana
Sonke singabantu
Ngiwumuntu njengawe angisilo ikhambi lokwenza
Imithi yokuncola
Ngifelana na?
Isono sami ibala lami
Akekho ofisa ukuphila nami
Abazali bami bangishiya emgqonyeni kadoti
Ngenxa yebala lami
Nami ngifanelwe ukuphila njengawe
Ngifanelwe ukufunda nami
Ngifanelwe ukukhululeka njengawe
Kungani kufanele ngihambe ngiqalaza amanqe
Azingela impilo yami
KuMdali sonke siyefana
Kungani pho ungibandlulula wena?
Nami ngifanelwe ukuphila.