Nami ngifanelwe ukuphila

Ibala lami engaliphiwa uMvelingqangi leli

Kungani kufanele ngisabe ngalo?

Sonke syafana

Sonke singabantu

Ngiwumuntu njengawe angisilo ikhambi lokwenza

Imithi yokuncola

Ngifelana na?

Isono sami ibala lami

Akekho ofisa ukuphila nami

Abazali bami bangishiya emgqonyeni kadoti

Ngenxa yebala lami

Nami ngifanelwe ukuphila njengawe

Ngifanelwe ukufunda nami

Ngifanelwe ukukhululeka njengawe

Kungani kufanele ngihambe ngiqalaza amanqe

Azingela impilo yami

KuMdali sonke siyefana

Kungani pho ungibandlulula wena?

Nami ngifanelwe ukuphila.