Izolo bekunje nawe sewuyakhumbula
Namhlanje sekunje
Insuku ziyahamba kanti neminyaka ayimile
Qhubeka nempilo yakho ungabambeleli
Kwi muva lakho
Sula lezonyembezi
Ngiyazi ulimele ngiyazi kubuhlungu
Ngiyazi bakushiyile nabazali emhlabeni
Ngiyazi kubuhlungu
Awukwazi ukuphila ebuhlungiwini
Phola manje
Upholise nenhliziyo yakho
Ngithi ncese kuwe ngiyabaxolisela abangaxolisile
Ngithi Phola kulawomanxeba
Sukuma wakhe ikusasa elihle elingenazo lezinhlungu
Ukhethiwe wena akekho oke waphumelela wathi bekulula
Ndizela phezulu Nyoni emhlophe