Namanje mama ngisalindile,

Ngingeyena uSilindile,

Selokhu ngahlala ngikulindile,

Ngilind’ukub’uzobuya mama,

Uzobuy’uzongiph’uthando mama,

Mama wahamba sengath’uzobuya,

Namanje ngilindil’ukuthi uzobuya,

Ngangizitshel’ukuth’uyotheng’inabukeni,

Wangishiya ngingafakile nenabukeni,

Kushekhasi wangiphos’esitamkokweni,

Ngingasagqokile ngisho amasekeni,

Bengizokhula ngikuphe amasheleni,

Ontanga bayangishiya bay’esikoleni,

Inyama yami yaphelela esitamkokweni,

Umoya wami uyazuzula esitamkokweni,

Amathang’ahlanzel’abangenamabhodwe,

Mama bengizokuhlanzel’amabhodwe,

Ngifisa ngabe ngaphiwa leyanyumba,

Efisa ukuthola noma oyedwa nje,

Kuwe mama ngizoba ngedwa nje,

Njengoba wangishiya ngedwa nje,

Mama uzohlala wedwa nawe,

Uma uba nomzwangedwa ungilande,

Mina kubaba wami zange ngizilande,

Nobaba wam’akatshelwanga ngami,

Nami kangitshelwanga ngobaba wami,

Umoya wami mam’awuyile ndawo,

Emhlabeni mama anginandawo,

Kweliphade mama anginandawo,

Nakushekhasi mama angisenandawo,

Enhliziyweni yakho mam’anginandawo,

Isitamkoko sidl’izindwani anginandawo,

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa mama,

Ngizohlal’ethembeni lokuth’usazobuya,

Ngamaphupho ngizobuya ngizokukhumbuza.