MNTAKWETHU
Thandiweyo Wami,
Sengikukhumbula mina woza sihlangane,
Sengifuna wena uqobolwakho,
Bambolwami sondela kimi ngibone ngiza kude nami ngikubone.
Mntakwethu kukude langisuka khona nginethwa zimvula ungekho wena nesambulela ungikhoselise.
Mntakwethu kade ngikhala ngizithulis’ungekho wena ukungesula izinyembezi.
Cha Jehova ngenze ngimubone naye angibone manje sekwanele.
Useyoze afice inhliziyo isidabuke yaphel’aqale phansi ayithunge?
Kanti uzofika nini?
Kanti sodibana masekunjani?
Ngitshele Jehovah ngenzenjani ukuze ngimhlangabeze?
Vele ungitshel’ukuphi ngiyekhona.
Ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala