Mhla ngiqala ukubona ithemba lami.
Amehlo ami agcwala injabulo, umlomo wami wamamatheka njalo, angisaphathi inhliziyo yami yona eyacisha ukuphuma ngomlomo. Angikaze ngizwizwe ngijabule ngalendlela, ngifisa sengathi ngingahlala ngimbona njalo. Umuntu wami, umaqondana wami, isithandwa sami, ithemba lami lophakade.
Yazi ukube yayivuleka inhliziyo, ngangiyonivula yona nginibonise ukuthi yabe ithokoze kangakanani. Ngiyazifela ngawe lamba lidlile lami, ukube umuntu uyavuswa umuntu esethule ngabe ngivusa intombi eyangizalela wena ngibonge ngokungilethela wena emhlabeni.
Wena uyithemba lomphefumulo wami, uyinsika yempilo yami, ungothandiweyo wami. Mantshinga, Hlabangani.