Imfundo iyisibani sempilo yami.

Iyona ezongikhanyisela endleleni yami.

Kepha imfundo ngeke ize kimi.

Imfundo ngeke izifake kimi.

Imfundo ukhiywe wempumelelo.

Mfundo ngaphandle kwakho mina angiyilutho.

Mfundo uyifa lezihlupheki.

Mangifundile soze ngibe isihlupheki.

Ngemfundo ngyophumelela ngelinye ilanga.

Ngeke ngidlale ondlebe zikhanya ilanga.

Kepha lokho ngeke kwenzeke eskoleni ngingayanga.

Imfundo izoba owempilo yami umgogodla.

Ngizofunda ngigogode.

Ngithweswe imiyezane yempumelelo.

Hleze ngiyivule iminyango evalekile.

Mfundo uze ungangishiyi nginga fundisekile.

Nami ngyafisa ukuwela ngolubanzi.

Ngingene kwelezi ngcithabchopho.

Ngingene kwelo ngqondonkulu.

Hleze ksasa ngiba umuntu omkhulu.

Ngemfundo ngivuse umuzi wobaba mkhulu.

Mina nemfundo syayifaka indandatho.

Mina ukuze ngibe isifundiswa.

Kmele ngilibangise eskoleni.

Ontanga yethu emajoyintini njengomfula bayageleza.

Bakhohliwe ukulibangisa esikoleni bayogeleza.

Mangi ngafunda Kulo mhlaba ngyoba ngobusisekile.

Mfundo ngyakucela ungangishiyi nginga fundisekile.