Okwakho kwadalwa akuyophikiswa

Ngisho noma sokhala akuyophindiswa

Is’thathele okade siveza lomhlathi nabo

Wasishiyela imicabango ngabo

Ngisho nomthetho Uma ungemuhle uyalungiswa

Kodwa owakho awuyophikiswa

Omama sebaphenduka omfelokaz’

Izingane sezaba yiz’ntandane

Kanti nomhlaba sowaphenduka idlelo lezimpi

Imingcwabo seyaphenduka ingcephu

Namuhla liyoshona kimi kwelilandelayo kwabanye

Izinyembezi zeminden ziwela phansi

Zigelelezi zibange injabulo kwabonile

Kuyothi omunye ekhala ehlez phansi

Kube omunye egiya,

Ehlise ngamanzi amponjwane

Banye bathi kuhle ukuba yinkomo edla yodwa

Ukwazi ukuvikeleka kuzingwadla zenkinga

Uvikelekele engqindezini yemichabango

Loko angiyophikisa

Mdali

Ngokwami angiyophawula,

Sowathenile amaphiko Ami

Sengilindele wena

Wenze ngendlela obona ukuba ing’fanele.