Umzimba wakho uyathusa

Uyimbawula emabokoboko

Umanxebanxeba yonkindawo

Kudala ugwazwa uduthsulwa

Imfudumalo awunayo neze

Uyimbawula enganamsebenzi

Umoya wakho awuphephile

Abawuhogelayo abaphili

Abaningi ubashisile

Kanti waba njani

Mbawula ndini