Makhelwane wangifunani?

Ungizondela ukuthi angenani?

Wemakhelwane wami ngakudlelani?

Ngempela makhelwane wangifunani?

Impuphu noshukela besinanelana,

Namuhla mina nawe asisangenelani,

Kubantu uthi mina nawe asizwani,

Angikhumbuli mina nawe sixabana,

Lokh’okwenze kimi soze sixolelane,

Njengoba umatasa nemfene yakho,

Nami senginemfene yami wemakhi.

Khiph’eyakho nami ngikhiph’eyami,

Makhelwane koze kuse sithakathana.

Kubathandazi kukhalwa ngawe,

Ezangomeni kukhalwa ngawe,

Namathwasa uqobo akhala ngawe,

Uze ungakhohlwa, awumbiwa ndawonye,

Ukwakha kwami ndawonye nawe,

Kungijwayeze nawe kabi,

Nom’ungangibuka kabi, angizaci.

Njengoba ungibek’amabala nje,

Akusoka lingenasici wemakhi.

Musa ukungidlela umona,

Mina ngizidlel’uphuthu lwakithi.

Ngizwile bath’ukhendla eMona,

Awuzame nakwaMhlabuyalingana,

Hlala kini, nami ngizohlala kithi,

Noma kuyizindlu zodaka kukithi.

Uyisilingo umakhelwane wakithi.