Sinjena nje yilokuthi sagijimela izinto singakakhuli ngokwanele.
Sahluleka ukulinda nokuzibamba, sahweba ngobusha bethu, ngemizimba yethu, ngezingqondo zethu, nangekusasa lethu.
Sakhetha utshwala, ucansi nezidakamizwa sathi makubuse izimpilo zethu.
Savumela ukufakwa ulungelo nonkululeko eweni.
Nathi sazibona singena ezintweni kanti basidunga umqondo.
Asiboni sisagcwele inkungu emehlweni.
Sabona usimilo njengomngane omubi, sakhetha umkulaxaza ngoba sithi uyabhayiza.
Samitha samithisa savika ngephutha sazishiya kanjalo izingane zazilaxaza.
Phela nathi asisenandaba nathi sakhula ngaphandle komama nobaba, nathi basilaxaza.
Samlahla ngempela usimilo umngane wethu.
Sashomana nalaba abathi asenze noma yini ngezimpilo zethu futhi singavumeli muntu asitshele, ngisho nabazali, singabalaleli.
Ngoba bathi sinelungelo nenkululeko, besifaka ngekhanda futhi basaqhubeka.
Empeleni asibazi, ulungelo nonkululeko ukuthi baqhamuka phi njengoba besilimaza futhi bezosishiya nezibazi.
Silimele, siphuza noma yini ephuzwayo uma sidakiwe nje.
Silimele, sibhema noma yini ebhenywayo uma siqhunyiwe nje.