Lala Qhawe!

Imsebenzi yakho iyaziwa

Imsebenzi yakho ayidinge koniwa

Amakhaya amaningi ama ngawe

Uzondlile izicebi nezintandane

Lo mlando ungezwakala njengenganekwane

Lapho usenamandla ubuphila

Ukushintshile ukuphila kwelengabade

Ulandela izinyathelo zamaqhawe namaqhawekazi

Ozuka notiki nabo asebakhothama

Emandleni omnotho ubungantengantengi

Izinsizwa nezintombi ubuzinika amandla

Amandla nawe owamukeliswa oyise mkhulu

Bebephila njengawe sheleni

“Ngiphila njengosheleni” besisho njalo

Kodwa namuhla sililela wena

Ukudla bekungabizi kangaka ephaketheni

Izindleko zokuphila bezingambi eqolo

Manje sezimba khona kanye eqolo

Ngokuphangalala kwakho sheleni

Siyakubukela nje uphangalale ezitalatini

Besingakuyeki uma sikubona ezitalatini

Ubusixhopha siseza le ngobuhle bakho

Ubungusuka sambe wenziswa

Insizwa ebingaconsi phansi

Lingekho nesoka elingenasici

Igazi liye lachitheka ngenxa yakho

Bafa abantu eMnambiti ngenxa yakho

Bayaxabana abaqhashi nabasebenzi ngenxa yakho

Kanti nenkohlakalo ithè chithi saka ngenxa yakho

Yilowo ngalowo ugcwalisa elakhe isaka

Ngokuthatha ngozipho nje qha

Kuningi abakwenza egameni lakho

Awubagunyazanga futhi awubafundisanga

Ngoba le mfundiso ayiveli kwankece

Ngobubende ingabudlanga iyaye ibhecwe

Sheleni uke wakhonya njengenkunzi

Isithunzi sakho ngiyohlezi ngisibona

Ngifikelwa zinyembezi uma bekukhohlwa kanje

Isithunzi sakho besithela ngezintuli

Abazi yini isintunzi siyasetshenzelwa

Kaze ubani lo okubophele amanqina enyathi?

Kusobala itshe seligaya ngomunye umhlathi

Akekho obazi ukuthi usheleni uzoke aphangalale

Ngoba ububonakala usimeme

Oyothatha isikhundla sakho akaziveze

Maka kwenze kucace ukuthi uzimele

Nokuthi uyobamba elakhe iqhaza angeke acheme

Imisebenzi yakhe mayimvotele

Sheleni akekho oyofana nawe

Sheleni ubuwedwa ungafani namuntu

Futhi ubungacheme namuntu

Sheleni uyibekile induku ebandla

Soxoxela abazukulu bethu ngawe bathwale izandla ekhanda

Ewu lafa elikaMthaniya kaNdaba!

Lala uphumule Qhawe sheleni

Imsebenzi yakho siyibonile…!

Ibhalwe ngu :

Sthembiso Sydney Msezane