Bekumele sithandane,

Njengomndeni sibumbane,

Sisekane siphinde silekelelane,

Kwakhala nyonini laph’ekhaya?

Okwalaph’ekhaya kwehlukile,

Usikompilo lomndeni silwaphulile,

Izinhliziyo nemimoya kwephukile,

Kwakhala nyonini kulomuzi?

Ikati negundwane siyaklwebhana,

Sidlelan’umona siyazondana,

Asihloniphani futhi asithobelani,

Kwakhala nyonini kulelikhaya?

Kunesixokoxoko nesiphithiphithi,

Akukho ukuthula, nenjabulo ayikho,

Sibukelana phansi, siyacindezelana,

Ngiyasola kwakhala isikhova.

Bekuyoba kuhle sihlale phansi,

Sikhumisane umlotha wabaphansi,

Siyeke impakamo namazondo,

Uma sinje, zizosinqoba izitha.

Sibumbene siyozinqob’izitha.

Sibambisene siyophumelela.