Ngifisa umuntu ozongivul’amehlo
Hayi ngoba ngiyimpumputhe.
Nginamehlo ngiyabona
Inkinga yam iyodwa ulwazi ngokukholwa.
Baningi baphendukile
Besifunda nabo amaqathe ogqokwen’olulodwa.
Banede babona unyango wesonto
Bazibona bengcona kunathi.
Kanti kuyini ukukholwa?
Ngicela incazelo kwabanolwazi
Ukuze ngiyophenduka inqolobane kwabez’ngemuva.
Kungaba ukukholwa ukugqoka umfaniswano yini?
Sizekeleni sitshele abangazi
Ukuthi ukukholwa kuyini.
Siyababona ngemilomo abantu baseZulwini
Kodwa ngokwezenzo sinabo lan’emhlabeni.
Jabula wena ongaboniyo
Ngobasigcwele inzondo nokuhlulelana nje kungenxa yokubona.
Iso liyonisana libika konke
Nokungeze kukusize ngalutho.