Kuyenzeka yinin kwamanye amazwe ukuthi izinto zakhona zenzeke emva kwesikhathi?

Ngike ngafonela isithuthi seziguli amahlandla abalekayo, kunabantu ebebedinga usizo oluphuthumayo. Bafike emva kwehora ukuya kwamabili.

Ngike ngafonela abomthetho kunezimo eziphuthumayo ebezidinga bona. Bazifikele nje emva kwesikhathi.

Kunabantu ababehlala ezakhiweni basuswa basiwa kolindela, umasipala ebathembise ukubakhela izindlu. Bafike nengane ikhasa iqale isikole ize isiqede zingabonwa nangokhalo izindlu.

Kuyenzeka yini kwamanye Amazwe?