KUYACACA
Impela kuyangicacela,
umuntu wesilisa akaneliseki,
Yena phela akahlaliseki,
Futhi bona abahlukaniseki,
Impela abelapheki.
Banomqond’omningi,
Banemicab’angemningi,
Bazithandel’abant’abaningi,
Angeke uthi uyamazi
Bangeke balungiseke vele sekonakel’abaneliseki.
Impela bazithupha ziyegwayini,
Ungafung’abayaqeqeshwa befundis’ukugil’imkhuba.
Kuyacaca abashintshi bayefana kakad’abafana.
Kuyacaca kumele samukele,
Kuyacaca kumele sis’ivumele lesimo angeke kusashintsha.
ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala