Kusekhaya la,

Imvelaphi yakho awkhethelanga,

Qala uqhaje ngalelo Bala mzikulu umuhle umnyama ,

Ngathi cela ungphindele gog angizwa.

Wathi lanake kusekhaya,

Imvelaphi yakho awkhethelanga,

Qala manje uyqhaje ngalelo Bala mzikulu umuhle umnyama,

Wathi mzikulu ngkubon’ uylahla,

Ungavumi ukusuka kuwe ilwa,

Ngibona izinto zakho ziphambana angz kanjan,

Ukuwa kwenyindlu laykhaya ukukhula kwempakamo kuwena kwenzakalan,

Ngibona intombi ezala umama ithi isifike kaninga izokunika iybusiso lutho aykutholi,

Okukuqala yafika kabi ulele emontweni ngoba ikhala ngeyndonga zalomuz ezivuzayo

kodwa ungkasebenzi konke lokhu wawungakuboni,

Okwesinili iphindele nabo emuva ubuchwebe ibizokukhangeza bona

Ngoba ikufice ufake izandla emaphaketheni uchazela abaswele ngenani leyngubo oygqokile,

Okwesithathu-ke iphindele nawe emuva ushando iqhaqhazela ubona ukuthi lomuntu uthukile

Mabebuza okhokho ukuthi kwenzenjan

ithi iwabone emancane kakhulu amathuba omshado kuwena udumo likungen ekhanda ulala nawo wonke amantombazane asendawen Ijaz ungalifakule,

Ngijima ibangalakho ngesivinini osinikwe usmakade,

Lempilo oyphilayo mzukulu yokuziqhathanisa okwenza uphange udaka lingananga

Linda uzamcolo mzukulu hleze akubinde amagabade,

Ngakhipha imali ngynika ugogo ngenhloso yokushwelez ehlehla ememeza nemali eyiphebeza,

Wathi uphume ngempela kuwen mzukulu zifine uythole,

Mawuzifina gijima uyesbayeni hamba uyosenga,

Uqobo lwakho uzolithola ehlathini mawungaya kotheza,

Uma imfundo iphelela endleleni yabamhlophe akungashitshi phela ukuthi umnyama wena,

Mzukulu Lana kusekhaya