Sengibathe ngibathe ngiqalaza,

Ngapha nangapha akulungi

Kusinda kwehlela

Izintaba zide ziyenyukela

Akulungi Lutho

Ngiyabhamba ngiyahlanganisa,

Lutho akulungi

Lungifulathele elakithi

Kazi ngonani kubani?

Ikati lilele eziko

Ngibathe ngiyazabalaza ngiyazabalaza

Lutho akulungi Lutho

Ngibathe ngiyayinyuka le ntaba

Ingindudulela phansi kwezidephile ,

Iziziba

Maye! maye!