Kulungile ngilahleni,

Vele izolo lami yilona elisematheni

Yingakho ningehlulela ngalo.

Kungani nithatha izolo lami

Niliqathanise ne namuhla lami?

Ikusasa lona anilishay’ indiva.

Kulungile lahlani ithemba ngami

Kusobala niyongithanda mhla

kwakhanya ngakimi, Kulungile ngijikeleni.

Inhloso yami ukwenza kahle

Nokwenza isqiniseko sokuba

Ngiyaphumelela.Ngaphandle kwenu,

Kusobala ning’delile kumpumelelo,

Yingakho akekho noyedwa obheka ngasemuva.

Noma sengisele ngedwa nje,

Nethemba elixhengayo

Ekugcineni sofika kampumelelo

Kube sengathi akase kwaba mnyama.

Sonke siyazi ukuthi yonke into ineskhathi

Sayo ngaphansi komthunzi welanga,

Awuyithathe lapho Mbongi Ethumekayo

Kulungile….