Izinyembezi zami ziconsela ngaphakathi

Njalo uma kufika iphimbo lakhe engshushuzela

Ngoba ethi uyangikhulisa.

Ukungigada ungivalele endlini

Uthi angingaphumi ungifunela impilo

Engcono akusizi ngoba ingqondo zomuntu

Ngeke uzazi umuntu uyincwadi engafundeki.

Ngize ngikhumbule amazwi kamama

Ethi kimina akekho umzali oyokthanda

Njengalo okzalayo kepha angisho

Ukuthi ngithini empeleni uthando

Lwakho selungaphezu kwakho konke.

Wawuthi uyophelelaphi

Uthando lwakho lungikhombisa okunye

Lungenza ngibe nezinsolo eziningi

Kepha ngibona sengathi kukhulu ongikhulisela kona.

Kukhona into engidla ngaphakathi

Njalo uma kufika isthombe sakho

Ephusheni nasemqondweni

Amehlo avele agcwale izinyembezi

Salwandle lugcwele.

Into engsolisa kakhulu intukuthelo

Neskhwele uma ngike ngabonakala

Ngixhumana nowesilisa.