Sesabuthwa nezibi
Kuhle kogula ebizwa ukufa engasabeli
Cha, asiguli kepha sifa kaningi zinsuku zelamana
Sifa okwenyama
Okukamoya
Nokwenqondo
Angisayiphathi eyokufa kwenyama
Azidudla amanqe phela lidekiwe itafula
Kuwa lona namuhla nakusasa kuwa omunye
Zisina ziyadedelana ngokufa
Ziyembezi kazisathusi
Alupheli lungenasikhalo
Baphi na oBabaMkhulu?
Safa kuhle kwababizelwe ekufeni
Ngabe ogogo bendela kobandayo bakhohlwa imuva nah?
Kazi kolamula bani kulempi yezizukulwana nezizukulwana
Kazi kusasa iyozala nkomoni?
Masithembe mtanenkehli hleze sikhululwe kolwakusasa
Bathi themba kalibulali liyaphilisa