Sesabuthwa nezibi 

Kuhle kogula ebizwa ukufa engasabeli 

Cha, asiguli kepha sifa kaningi zinsuku zelamana 

Sifa okwenyama 

Okukamoya 

Nokwenqondo 

Angisayiphathi eyokufa kwenyama 

Azidudla amanqe phela lidekiwe itafula 

Kuwa lona namuhla nakusasa kuwa omunye 

Zisina ziyadedelana ngokufa 

Ziyembezi kazisathusi 

Alupheli lungenasikhalo 

Baphi na oBabaMkhulu? 

Safa kuhle kwababizelwe ekufeni 

Ngabe ogogo bendela kobandayo bakhohlwa imuva nah? 

Kazi kolamula bani kulempi yezizukulwana nezizukulwana 

Kazi kusasa iyozala nkomoni? 

Masithembe mtanenkehli hleze sikhululwe kolwakusasa 

Bathi themba kalibulali liyaphilisa