Sanibonan’ ekhaya lothando!

Ngilapha nje ngilethe umbiko

Ngihlezi ngihlangana nezingane

Zihamba zicela ngendlela

Zikhala ngendlala

Sanibonani bakithi abanothando!

Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu

Hlezi ngibona izingan’ emgwaqweni

Zibhukuda olwandle lukahodoba

Zithi ziyagodola

Sanibonani nin’ enilahlekelwe uthando!

Ngihlangene naye uThando

Ubuso buchichima izinyembezi

Ebhidaneke imizwa

Ekhala ngokuhlukunyezwa

Sanibonani mphakathi onezindlebe!

Ngibhala lenkondlo nje

Ngicelela izingane zethu

Ukuthi maziphathwe kahle

Zizoba nekusasa elihle