Noma kungaphela amaphepha namapeni
Asiyi kuyeka ukushumayela ivangeli lokulunga.
Umhlaba uyakhala uyabuna
Nezwe lidangele.
Lidinga abantu abakwaziyo ukuhlukanisa
Okuhle nokubi kwabanye kuyefana.
Lapho umhlaba usugcolisiwe
Siyofika neshanelo lokukhuculula.
Bonke abenza okuphambene bashunyayezwa
Ivangeli lokuphambana nokulunga.
Sasingekazalwa, sengekaphushwa futhi
Sesifikile ukuzolwa nokuphambene.
Sizohlenga izimvu zeNkosi zikhumbule emuva
Sinethemba lapho amanzi ake amakhona
Aphinde ame futhi.
Abazalwange be umhlambi kazelusile
Siyobekezela noma kunzima.
Ngethemba liyobu izwe
Kubuse ivangeli lokulunga
Bubuye ubuntu ebantwini.